Chaza i-Bitcoin Ngathi Ngineminyaka Emihlanu

ngo Nik Custodio 2013/12/12open in new window

Uma namanje ungakwazi ukuthola ukuthi yini i-bitcoin...

Sihleli ebhentshini lepaki. Usuku oluhle.

Ngiphethe i-apula elilodwa. Ngiyakunika.

Manje une-apula elilodwa mina anginalutho.

Lokho kwakulula, akunjalo?

Ake sibhekisise okwenzekile:

I-apula lami libekwe esandleni sakho.

Uyazi ukuthi kwenzekile. Bengilapho. Ubukhona. Ulithintile.

Besingadingi umuntu wesithathu lapho ozosisiza ekwenzeni ukudluliswa (kwe- apula). Besingadingi ukubiza umalume Tommy (oyijaji elidumile) ukuthi ahlale nathi ebhentshini futhi aqinisekise ukuthi i-apula lisuke kimi leza kuwe.

Elakho i-apula! Angikwazi ukukunika elinye i-apula ngoba anginalo elisele. Angisakwazi ukulilawula. I-apula lisuke kimi ngokuphelele. Nguwe olawula ngokugcwele lelo apula manje. Ungalinika umngani wakho uma ufuna, bese lowo mngani anganika umngani wakhe. Njalo njalo.

Ngakho-ke kubukeka kanjalo ukushintshana phakathi kwabantu ababili abasendaweni yinye ngalesosikhathi. Ngicabanga ukuthi kuyefana ngempela, noma ngabe ngikunikeza ubhanana, incwadi, noma uthi ikota, noma ibhili yedola....

Kepha sengizihambela mphampili.

Asibuyele kuma-apula!

Manje yithi, ngine-apula elilodwa ledijithali. Lapha, ngizokunikeza i-apula lami ledijithali.

Ah! Manje kuyaheha.

Wazi kanjani ukuthi lelo apula ledijithali elalikade lingelami, manje selingelakho, futhi ngelakho kuphela?

Cabanga ngakho umzuzwana.

Kuyinkimbinkimbi ngokwengeziwe, akunjalo? Wazi kanjani ukuthi angilithumelanga kuMalume uTommy lelo apula nge-imeyili kuqala? Noma umngani wakho uJoe? Noma uLisa umngani wami?

Mhlawumbe ngenze amakhophi ambalwa alelo apula ledijithali kwikhompyutha yami. Mhlawumbe ngilifake ku i-inthanethi nabantu abayisigidi balidawunilowuda.

Njengoba ubona, lokhu kushintshaniswa kwedijithali kuyinkinga kancane. Ukuthumela ama-apula edijithali akubukeki njengokuthumela ama-apula aphathekayo.

Abanye ososayensi bekhompyutha abakhaliphile empeleni banegama lale nkinga: ibizwa ngokuthi i-inkinga yokusebenzisa imali kabili. Kodwa ungakhathazeki ngakho. Odinga ukukwazi yilokho, ibadide isikhathi eside impela futhi abakaze bayixazulule.

Kuze kube manje.

Kepha ake sizame ukucabanga isixazululo sisodwa.

Amaleja

Mhlawumbe la ma-apula edijithali adinga ukulandelwa kwi-leja. Ileja yincwadi lapho ulandelela konke ukuthengiselana โ€“ yincwadi yokubalwa kwezimali.

Leli bhuku, njengoba lidijithali, lidinga ukuhlala emhlabeni walo futhi libe nomuntu olilawulayo.

Asithi, njenge World of Warcraft. I-Blizzard, abafana abenze umdlalo oku-inthanethi, bane-โ€œIeja ledijithaliโ€ lazo zonke izinkemba zomlilo ezingavamile ezivuthayo ezikhona ohlelweni lwabo. Ngakho-ke, umuntu ofana nabo angalalenda ama-apula ethu edijithali. Kuhle - sikuxazulule!

Izinkinga

Yize kunenkinga ethile:

  1. Kuthiwani uma omunye umfana ngale e-Blizzard edale okuningi? Angangeza nje ama-apula edijithali ambalwa kwibhalansi yakhe noma nini lapho ethanda!

  2. Akufani ncamashi nangesikhathi sisebhentshini ngalola suku. Kwakunguwe nami nje lapho-ke. Ukudlula ku-Blizzard kufana nokufaka uMalume uTommy (umuntu wesithathu) ngaphandle kwe-nkantolo (ngishilo ukuthi uyijaji elidumile?) ngokuthengiselana kwethu kwebhentshi epaki. Ngingakunika kanjani nje i-apula lami ledijithali ngendlela ejwayelekile?

Ngabe ikhona indlela yokulingisa ukuthengiselana kwethu kwebhentshini lepaki ngedijithali, wena-nami-kuphela? Kubonakala kunzima kakhulu...

Isixazululo

Uma singanikeza le ncwadi - sinikeze wonke umuntu? Esikhundleni sokuthi ileja ihlale kukhompyutha ye-Blizzard, lizohlala kumakhompyutha awo wonke umuntu. Konke ukuthengiselana okwenzekile, kusukela ngaso sonke isikhathi, ngama-apula edijithali kuzorekhodwa kilo.

Awukwazi ukukhohlisa. Angikwazi ukukuthumela ama-apula edijithali engingenawo, ngoba ngaleso sikhathi bekungeke ivumelane nawo wonke umuntu ohlelweni. Kungaba uhlelo olunzima ukulehlula. Ikakhulukazi uma lilikhulu.

Futhi alilawulwa ngumuntu oyedwa, ngakho ngiyazi ukuthi akekho umuntu ongavele anqume ukuzinikela ama-apula edijithali. Imithetho yohlelo yayivele ichaziwe ekuqaleni.

Futhi ikhodi nemithetho kungumthombo ovulekile. Ilapho abantu abahlakaniphile abangasiza khona, bagcine, bavikele, bathuthukise futhi bahlole.

Ungabamba iqhaza nakule nethiwekhi futhi ubuyekeze ileja futhi uqiniseke ukuthi konke kuhamba ngomumo. Ungathola njengama-apula angama-25 edijithali njengomtlomelo. Eqinisweni, yileyo kuphela indlela yokwakha ama-apula amaningi edijithali ohlelweni.

Ngenze lula kancane

... Kodwa lelo hlelo engilichazile likhona. Libizwa ngokuthi umthetho olandelwayo we-Bitcoin (Bictoin protocol). Futhi lawo ma-apula edijithali "ama-bitcoins" ngaphakathi kohlelo. Kuyakarisa!

Ngakho-ke, ukubonile okwenzekile? Yini okuvubyelwa ileja labantu bonke?

  1. Kungumthombo ovulekile, uyakhumbula? Inani eliphelele lama-apula lichazwe kwi leja lomphakathi ekuqaleni. Ngiyalazi inani eliqondile elikhona. Ngaphakathi kohlelo, ngiyazi ukuthi ayindlala (ama-apula edijithali).

  2. Lapho ngishintshana khona sengiyazi ukuthi i-apula ledijithali lisukile kimi, ngelakho ngokuphelele. Ngangivame ukungakwazi ukusho lokho ngezinto zedijithali. Lizovuselelwa futhi liqinisekiswe ileja lomphakathi.

  3. Ngenxa yokuthi yileja yomphakathi, angizange ngidinge uMalume uTommy (umuntu wesithathu) ukuqinisekisa ukuthi angizange ngikhohlise, noma ngizenzele amanye amakhophi, noma ngithumele ama-apula kabili, noma kathathu...

Ngaphakathi kohlelo, ukushintshaniswa kwe-apula ledijithali manje kufana nokushintshaniswa kwe-apula elibambekayo elilodwa. Manje sekufana nokubona i- apula elibambekayo lishiya isandla sami lingena ephaketheni lakho. Futhi njengasebhentshini lepaki, ukushintshaniswa kwakuphakathi kwabantu ababilikuphela. Mina nawe - besingamdingi uMalume uTommy lapho ukuze kusebenze.

Ngamanye amagama, liziphatha (i-apula) njengento ebambekayo.

Kepha uyazi ukuthi yini okuncomekayo? Kusese idijithali. Manje sesingabhekana nama-apula ayi-1 000, noma ama-apula ayiisigidi esisodwa, noma ngisho ama-apula ayi-.0000001. Ngingalithumela (i-apula) ngokuchofoza inkinobho, futhi ngisengakwazi ukulishiya ephaketheni lakho ledijithali ukube ngangise-Nicaragua wena use-New York.

Ngingenza ezinye izinto zedijithali zigibele ngaphezulu kwala ma-apula edijithali! Kuyinto yedijithali ngemuva kwakho konke. Mhlawumbe nginganamathisela umbhalo othile kuwo - inothi ledijithali. Noma mhlawumbe nginganamathisela izinto ezibaluleke kakhulu; njengenkontileka, noma isitifiketi sesitoko, noma umazisi...

Ngakho-ke lokhu kuhle! Kufanele siwaphathe kanjani noma siwasebenzise kanjani la "ma-apula edijithali"? Awusizo impela angithi?

Abantu abaningi baphikisana ngakho manje. Kunenkulumompikiswano phakathi kwalokhu naleso skolo somnotho. Phakathi kosopolitiki. Phakathi kososayensi bamkhomphyutha. Ungabalaleli bonke noma kunjalo. Abanye abantu bahlakaniphile. Abanye batshelwa okungeyikho. Abanye bathi uhlelo lubaluleke kakhulu, abanye bathi alukabaluleki. Omunye umuntu empeleni ubeke inombolo: $ 1,300 nge-apula ngalinye. Abanye bathi igolide ledijithali, abanye bathi imali. Abanye bathi afana nezimbali. Abanye abantu bathi kuzoshintsha umhlaba, abanye bathi kumane kuyimfashini.

Nginombono wami ngakho.

Leyo yindaba yesinye isikhathi nokho. Kepha mntwana, manje wazi okuningi nge-Bitcoin kunabaningi.

Recommend Reading (Updated 2017)

โ€œYou Donโ€™t Understand Bitcoin Because You Think Money is Realโ€open in new window by Maria Bustillosopen in new window is a good follow-up read.

You can also read more about Ethereum and Smart Contracts hereopen in new window. Enjoy!

Abahumushi
Happy Mahlangu

Abasekeli
BitMEX