Ukuqonda i-Lightning Network ngokusebenzisa i-Abacus (uhlelo lokubala)

ngo-Roy Sheinfeld 2018/03/25open in new window

Ngithole izimpendulo eziningi emihle ngokulandela umbhalo wami wangaphambilini onesihlolo esithi, Lightning Network is the Future of Bitcoin (Inethiwekhi Esheshayo Ikusasa lwe ceze yenhlamvu yemali). Kodwa-ke, ngenkathi ngifunda ezinye zezimpendulo, kwangicacela ukuthi abanye abantu abaqondi ngokugcwele ukuthi i-Lightning Network (LN) isebenza kanjani ngempela. Kulo mbhalo, ngizozama ukucacisa kahle inhloso ye-LN nezinhlelo zayo zokukhokha ngisebenzisa isifaniso se-abacus, ngaphandle kokungena emibhalweni yobuchwepheshe be-LN.

Lena i-Abacus:

Manje, cabanga ngohlelo lokukhokha le-LN njengentambo eyodwa ye-abacus, lapho ubuhlalu bumelela izingcezu zonhlamvu zemali ngaphakathi kohlelo. Lapho u-Alice no-Bob benza uhelo lokukhokha phakathi kwabo, u-Alice ufaka ama-bitcoin asuka ku-Blockchain (irekhodi lokuthengiselana) ngaphakathi kohlelo. Okwamanje, lezi Ama-bitcoin (isb. 10 bits noma 0.00001 BTC) angeka-Alice. Kulesi sibonelo, ubuhlalu bulingana necezu eyodwa:

Intambo ye-abacus kanye nohlelo lokukhokha kunezici ezifanayo:

  • Ukuqondisa okubili: njengobuhlalu entambeni ye-abacus bungasuswa ukusuka kwesokunxele kuye kwesokudla futhi kusuka kwesokudla kuye kwesokunxele, ama-bitcoin angasuswa esuka ku-Alice aye ku-Bob futhi asuke ku-Bob aye ku-Alice.
  • Ubunikazi: Ku-abacus, ubuhlalu bungaba kwesokunxele noma kwesokudla, bungalokothi bube phakathi kwentambo. Ngendlela efanayo, ama-bitcoin ohlelweni lokukhokha angaba eka-Alice noma u-Bob.
  • Ukungashintshi: Ngokufana nendlela ubuhlalu obungengezwe ngayo noma bususwe entambeni, u-Alice no-Bob bangashintshanisa ama-bitcoin phakathi kwabo, kuze kufike kunombolo eyayisethiwe lapho kuvulwa uhlelo lokukhokha. Uma befuna ukushintsha inani elikhulu lama-bitcoin, kuzodingeka benze okunye ukuthengiselana kwe-on-chain.

Nansi indlela uhlelo lokukhokha lubukeka ngayo ngemva kokuba u-Alice ethumele izingcezu ezimbili ku-Bob:

Manje u-Alice unobuhlalu obuyisishagalombili kanti u-Bob unobuhlalu obubili. Manje, ake sithi u-Bob naye uxhumene ku-LN ku-Carol esebenzisa uhlelo lokukhokha olunezicezu ezilishumi:

Nge-LN, u-Alice angakhokhela uCarol esebenzisa u-Bob. Emfanekisweni we-abacus, uma u-Alice efuna ukuthumela izingcezu ezimbili kuCarol, uhambisa ubuhlalu obubili kuntambo yaka-Alice no-Bob aye kwesokudla (ku-Bob), bese u-Bob ehambisa ubuhlalu obubili ngentabo ka-Bob no-Carol kwesokudla (ku-Carol). Kubukeka kanjena ngemuva kokuthi u- Alice ethumele uCarol izingcezu:

Kubalulekile ukusho ukuthi uma u-Bob evuma ukubamba iqhaza kulokhu kuthengiselana, akakwazi ukwamukela ubuhlalu buka-Alice ngaphandle kokuhambisa inombolo efanayo yobuhlalu kuCarol.

Ngokusebenzisa isifaniso se-abacus, kulula ukuchaza uhlobo lwemisebenzi ye-Off-chain LN ngokuvamile, futhi ikakhulukazi yiziphi izimfuneko uhlelo lokukhokha okudingeka luhlangabezane nazo ukuze likwazi ukuthengiselana. Ngokwesibonelo, kulula ukubona ukuthi u-Alice akakwazi kanjani ukuthumelela uCarol ubuhlalu obuningi obudlula uBob angakwazi ukubuphatha. Bese futhi, mhlawumbe esikhathini esizayo uzokwazi ukukwenza esebenzisa ama-AMPopen in new window, kodwa leyo indaba yomunye umbhalo.

Uma uthole lombhalo uwuyisizo, sicela ungakhohlwa ukwengeza ukushaya izandla (cindezela isikhathi eside ukuze wengeze ukushaya izandla okuningi) futhi wabelane ngakho.

Abahumushi
Happy Mahlangu

Abasekeli
HRF