Mayelana: Bitcoin v0.1 ikhishiwe

ngo Hal Finney 2009/01/11open in new window

U-Satoshi Nakamoto ubhala athi:

Kumemezelwa ukukhishwa kokuqala kwe-Bitcoin, uhlelo olusha lwemali ye- elekthronikhi olusebenzisa inethiwekhi yontanga ukuvimbela ukusetshenziswa kwemali kabili. Lizimele (uhlelo) ngokuphelele, alinaseva noma igunya elikhulu. Vakashela iwebhusayithi bitcoin.org ukubona izithombe. Thola i-Bitcoin v0.1 ku: http://downloads.sourceforge.net/bitcoin/bitcoin- 0.1.0.rar

Halala kuSatoshi ngalokhu kukhishwa kokuqala (kwehlelo le-Bitcoin). Ngilangazelele ukulizama lolu hlelo.

Ukusakazwa okuphelele kuzoba izinhlamvu zemali ezingama-21,000,000. Izosatshalaliswa kuma-nodi wenethiwekhi lapho enza amabhlogo, inani lisikwe phakathi nengxenye njalo eminyakeni emine. iminyaka emine yokuqala: izinhlamvu zemali eziyizi-10 500,000 eminyakeni emine ezayo: izinhlamvu zemali eziyizi-5 250,000 eminyakeni emine ezayo: Izinhlamvu zemali ezingama-2,625,000 eminyakeni emine ezayo: izinhlamvu zemali eziyi-1,312,500, njalo njalo.

Kuyaheha ukuthi uhlelo lungenziwa ukuthi livumele kuphela inani elithile eliphezulu le-zemali ezake zakhiwe. Ngicabanga ukuthi umqondo ukuthi inani lomsebenzi elidingekayo ukukhiqiza uhlamvu lwemali olusha luyoba nzima kakhulu njengoba isikhathi siqhubeka.

Inkinga eyodwa esheshayo nganoma ngiliphi ihlelo lwemali olutsha ukuthi ungalikala kanjani. Ngisho nokuziba inkinga ebonakalayo yokuthi akekho noyedwa ozoyamukela ekuqaleni, kusenobunzima bokuza nempikiswano ezwakalayo ngokuvumelana nenani elithile lwezinhlamvu zemali.

Njengokuzivocavoca kwengqondo, cabanga ngamehlo engqondo ukuthi i-Bitcoin iyaphumelela futhi iba uhlelo lokukhokha olubusayo lusetshenziswa emhlabeni wonke. Ngemuva kwalokho inani eliphelele lemali kufanele lilingane nenani eliphelele lawo wonke umcebo emhlabeni. Izilinganiso zamanje eziphelele zomnotho wasekhaya womhlaba engiyitholile isukela kuzigidigidi ezili-$100 kuya ku-zigidigidi ezi-$300. Ngezinhlamvu zemali eziyizigidi ezingama-20, ezinikeza uhlamvu ngalunye inani elingaba yizigidi ezingama-$10.

Ngakho-ke ithuba lokukhiqiza izinhlamvu zemali namuhla ngamasenti ambalwa lingahle libe ukubheja okuhle, ngenzuzo ethile efana nezigidi ezili-100 kuye ku-1! Noma ngame amathuba okuthi i-Bitcoin iphumelele kulelizinga amancane, kungabe ayizigidi ezi-100 ezibhekane nanye? Cabanga ngayo...

Hal


The Cryptography Mailing List Unsubscribe by sending "unsubscribe cryptography" to majord...@metzdowd.com

Abahumushi
Happy Mahlangu

Abasekeli
BitMEX