I-Bitcoin Ifana ne

ngo Oleg Andreev 2017/12/10open in new window

I-Bitcoin ifana nemali engokoqobo: awukwazi ukuyibuyisela emuva futhi kufanele uyisebenzise kahle. Uma ulahlekelwa isikhwama sakho semali, ulahlekelwa imali yakho. Ungamnikeza omunye umuntu ama-bitcoin ukuba akugcinele wona, kodwa kuthi akufane nasebhange: kumele umethembe ukuthi ngeke abaleke nemali yakho.

I-Bitcoin ayifani nemali engokoqobo: ayilinganiselwe imali ongayonga futhi ngeke iphelelwe yindawo. Ungayithumela ngomshini kunoma ubani. Kunzima ukwenza engamanga. Awukwazi ukuyithumela ngomzuzwana nje: empeleni ukuqinisekisa ukuthi uyithumele kahle, kumele ulinde imizuzu ephakathi kuka-10 no-15 ngaphambi kokuba inethiwekhi ikunikeze ubufakazi.

I-Bitcoin ifana negolide: alikhiqizeki ngokuthanda kwakho, linesilinganiso futhi leso silinganiso sisabalele endaweni elitholakala kuyo ngaleso sikhathi. Ukuze ube nama-bitcoin kufanele kube nomuntu ozokunikeza wona, noma kufanele uzimbele wona wonke. Njengegolide i-Bitcoin iyakhazimula: iheha abantu ngobuhle bayo, inolimi lwayo olwakhelwe ngaphakathi, iyimali ekahle kakhulu nesethembiso sokukhululeka ekucindezelekeni.

I-Bยญitcoin ayifani negolide: i-Bitcoin itholakala ngezikhathi ezingashintshashintshi ngohlelo lokumba (alinganiselwe ama-bitcoin atholakala ngehora). Ungaqiniseka ngokuthi akekho umuntu ongavele azitholele ama-bitgold noma awambe ematsheni. Ngokungafani negolide, i-Bitcoin ifakwe kanzima ezimayini ukuze uhlelo lwayo lungashintshashintshi. Ungalimba lonke igolide ngosuku, kodwa kunzima ukwenza lokho nge-Bitcoin ngisho noma amakhompuyutha angachwephesha kangakanani. Ukukhula kwezimayini zayo kungalushintsha kancane uhlelo lwayo (inethiwekhi ishintsha kanzima ukuze ikwazi ukukhiqiza izigaxa eziyisithupha ngehora, kodwa uma inethiwekhi iqhubeka nokuthuthuka ingase ikhiqize izigaxa eziphakathi kuka-7 no-8 ngehora).

I-Bitcoin ifana nebhange: kukhona amakhompuyutha, amafayili alonde ukwaziswa nobufakazi bokungena nokuphuma kwemali. Amafayili alondiwe agcina wonke umlando wezimali ezingenile neziphumile: ubani othumele imali engakanani kubani. Konke kwenziwa ngekhompuyutha. Ayikho imigodi egcina amagolide noma amabhokisi omuntu siqu afaka kuwo imali, okukhona nje incwandi eyodwa enezimali ezingenile neziphumile.

I-Bitcoin ayifani nebhange: wonke umuntu angaqinisekisa ukuthi imininingwane yakhe elondiwe isencwadini yezimali efanayo naleyo enemininingwane yabanye. Akekho umphathi othuthukisa le ncwadi noma oqinisekisa ukuthi akekho umuntu oshintsha okuthile kuyo. Umuntu ngamunye angaba nama-akhawunti amaningi ngendlela athanda ngayo futhi wonke ama-akhawunti ngeke aziwe abanye abantu (ngaphandle uma umuntu ekhetha ukuwadalula kwabanye). Incwadi yezimali ayinawo amagama abantu, inezimali zabantu nje kuphela nezinombolo zama-akhawunti. Akunakwenzeka ukuthi kube โ€œnemali esalayoโ€ uma ibhange libolekisa ngemali eningi kakhulu kunokujwayelekile. Eqinisweni, azikho izikweletu ebhukwini lezimali le-bitcoin: kuba ukuthi nje unayo imali ekhelini lakho futhi ngeyakho yonke, noma awunayo futhi ngeke ukwazi ukuyisebenzisa. Okunye futhi, i-Bitcoin iyakuvumela ukuba ugcine imali โ€œngezinkontilekaโ€: iziphico ezingamakhodi ziklanyelwe ukusabalalisa izinqumo ezenziwe abantu abanhlobonhlobo noma phakathi nesikhathi esithile.

I-Bitcoin ifana nemali ye-Monopoly: izinhlamvu zemali ziyizinhlamvu zamanga ezingasho lutho. Abantu bayazazisa ngoba bakhethe ukudlala lo mdlalo. Eqinisweni, kunjalo nangegolide nangenye imali.

I-Bitcoin ayifani nemali ye-Monopoly: izinhlamvu ze-bitcoin zilinganiselwe futhi akekho ongazenza zibe ezamanga. Lokhu kuzenza zibe yinto ongayiqoqa ebalulekile emhlabeni njengokuqoqa izinhlamvu zegolide nesiliva.

I-Bitcoin ifana ne-Git: ku-Git (uhlelo olusabalele lwesimiso sokulawula) zonke izinguquko ozenzayo zihlelwe zaba uchungechunge lwezinto ezivikelwe yiziphazamiso ezingamakhodi. Uma usethemba isiphazamiso sokugcina, uyithola yonke imininingwane edlule (nanoma ingxenye yayo) kunoma yimuphi umthombo futhi uqinisekise ukuthi yilokho okulindele. Ngokufanayo, ku-Bitcoin, zonke izimali ezingenayo neziphumayo zihlelwe zaba njengeketanga (*iketanga elivikelayo *) futhi uma like laphazanyiswa, akusho lutho ukuthi zigcinwe kuphi, ngaso sonke isikhathi ungakwethemba okukodwa eketangeni elivikelayo ngokuhlola iketanga leziphazamiso ezihlobene nesiphazamiso osethembayo. Ngokuvamile lokhu kuqinisekisa ukusabalalisa okuthile kokulonda nokukuhlola kalula.

I-Bitcoin ayifani ne-Git: ngendlela yokuthi wonke umuntu uzama ukusebenza egatsheni elilodwa. Ku-Git umuntu ngamunye angaba namagatsha amaningana awahlukanise futhi awahlanganise usuku lonke. Ku-Bitcoin ngeke ukwazi โ€œukuhlanganisaโ€ amagatsha. Iketanga elivikelayo empeleni liyisihlahla somlando wezimali ezingenayo neziphumayo, kodwa ngaso sonke isikhathi kunegatsha elilodwa elikhulu (elibalulekile) namanye amagatsha amancane (elilodwa noma amabili) angabalulekile nhlobo. Ku-Git ukwaneliseka kubaluleke ukwedlula amagatsha, ku-Bitcoin ukuvumelana kubaluleke ukwedlula ukwaneliseka.

I-Bitcoin ifana ne-Bittorrent: inethiwekhi ayilawulwa endaweni eyodwa, ayikho indawo eyodwa โ€œokuyiyonayonaโ€ noma โ€œibhangeโ€ elilodwa. Iketanga elivikelayo lifana nefayili eyodwa ku-bittorrent: liqinisekiswe ngamakhodi abhaliwe futhi lisatshalaliswe kumakhompuyutha amaningi. Wonke umuntu oyingxenye, kuhlanganise nabambayo bayefana. Uma ingxenye eyodwa yenethiwekhi iphazamiseka, izimali zingahamba ngezinye izingxenye. Ngisho noma kuthiwa inethiwekhi yonke iyaphazamiseka, imininingwane yezimali ezingenayo neziphumayo igcinwa ezinkulungwaneni eziningi zamakhompuyutha azimele futhi akukho mali yomuntu elahlekayo. Lapho abantu bephinda bexhumana, bangaqhubeka nokuthumelelana izimali njengokungathi akukho okwenzekile. I-Bitcoin ne-Bittorrent kungakwazi ukusinda empini yezikhali zenuzi ngoba ukwaziswa akuphazanyiswa amazโ€™omoya futhi kungatholaka ngaphandle kokuphazamiseka.

I-Bitcoin ayifani ne-Bittorrent: esikhundleni โ€œsamafayiliโ€ amaningi azimele, kunefayili eyodwa ekhulayo: iketanga elivikelayo. Ngaphezu kwalokho, abantu ababalulekile abayingxenye, abambayo bathola imivuzo wemali engokoqobo ngomsebenzi wabo.

I-Bitcoin ifana nenkululeko yokukhuluma: yonke imali engenayo nephumayo injengomyalezo omfushane womphakathi omenyezelwa noma kuphi nanoma ingayiphi indlela. Uma abanye abambayo bewuzwa, bawenezela eketangeni elivikelayo futhi lowo myalezo uzohlala ungumlando njalo. Wonke umuntu uzowubona futhi akekho oyokwazi ukuwusula.

I-Bitcoin ayifani nenkululeko yokukhuluma: ukusho okuthile kuza nezinkinga. Ukufaka nokukhipha imali kudlulisa izinhlamvu zemali okumele uqale ngazo. Ngakho akuwona wonke umuntu ovunyelwe ukumemeza, kodwa yilabo kuphela abanegunya lokuthola izinhlamvu zemali. Ngaphezu kwalokho, abambi bangayenqaba imali uma ingabazisa noma ingayinkulu. Ngakho akekho umuntu onikeza omunye inkululeko njengoba kunjalo โ€œngobhiya,โ€ kodwa wonke umuntu uzama ukwenza ngendlela efanele ngokuzithandela.

I-Bitcoin ifana nenkontileka yomphakathi: injengesiko elivamile. Isebenza njengemali uma nje abantu beyibheka kanjalo futhi benesibindi sokuyibamba futhi behloniphi imithetho yayo. Ubuchwepheshe busiza kuphela ngokuba amapayipi amanzi kuleyo nkontileka.

I-Bitcoin ayifani nenkontileka yomphakathi: ayifani nenkontileka okufundiswa ngayo esikoleni. Ayishintshashintshi, futhi umuntu akaphoqwa yimithetho ethile. Empeleni iyimithetho engashintshashintshi wonke umuntu azikhethelayo ukuyisebenzisa kuye, ngaleyo ndlela ezivumela ngokuzithandela.

I-Bitcoin ifana nemali engumlingo we-inthanethi: ilula.

Abahumushi
Happy Mahlangu