I-Bitcoin Ifana Nezemidlalo

ngo @thebitcoinrabbi 2021/01/13open in new window

Kaningi bengilokhu ngichaza ukuthi i-Bitcoin isebenza kanjani futhi isatshalaliswa endaweni ethile ngokwesimo so-mdlalo wezemidlalo. Kuyasiza ukuphendula imibuzo eminingi ejwayelekile:

Q: Ngubani owasungula i-baseball? A: Akunandaba ngempela. Noma ngubani emhlabeni angadlala. Akunandaba ukuthi umsunguli ufuna ukushintsha imithetho noma aziklomelise ngamaphoyinti noma yini enye. Asinandaba ukuthi ucabangani ngomdlalo wethu.

Q: Ngubani ophethe umdlalo? A: Akekho ophethe, sonke nje sinqume ukudlala. Sonke siyazi futhi siyayiphoqelela imithetho, futhi uma umuntu asikhohlisa, uyakhishwa emdlalweni. Uma othile eziklomelisa amaphuzu angawazuzanga, siyamziba nje.

Q: Sazi kanjani ukuthi imithetho ngeke iguquke? A: Sonke savumelana nawo ngenkathi siqala ukudlala, nanoma ngubani ofuna ukuqhubeka nokudlala ngale mithetho uzoqhubeka, futhi uma umuntu efuna ukushintsha, kuzodingeka adlale kwenye indawo.

Q: Ayikwazi ukugqekezwa? A: Konke kubonakala esidlangalaleni. Sonke singabona yonke inkambu nazo zonke izikolo. Uma othile babesikhohlisa, sonke sizokwazi futhi sibatshele ukuthi basishiye.

Q: Kungani kubalulekile? A: Sonke sinqume ukudlala, ngakho-ke kubalulekile kithi. Uma othile efuna ukujoyina, kufanele bavume ukwamukela amaphuzu wethu nenani lethu. Kubalulekile. Ukubaluleka kuya ngomuntu.

Q: Ngeke ivinjelwe? A: Mhlawumbe, kepha kungabantu abathile abadlala ngenduku nangebhola, abangalimazi omunye umuntu, ngakho-ke uhulumeni mhlawumbe angakuyekisa ukuyidlala, kepha angeke akwazi ukuvimbela umqondo wokushaya induku ngebhola, umdlalo uzoqhubeka kwenye indawo.

Q: Kufanele ngijoyine? A: Yenza noma yini oyifunayo. Ngizijabulisa ngokudlala i-baseball, ungajoyina noma unga-HFSP.

Abahumushi
Happy Mahlangu

Abasekeli
BitMEX